Lelipheshana libeka ukuthi uMthetho waMahlathi kaZwelonke eNingizimu Afrika ka 1998, uhlose kanjani ukuzimelelisa ukusetshenziswa nokuvikela kwamahlathi aseNingizimu Afrika, ngokuphatha amahlathi ngokonga. Intando yeningi eNingizimu Afrika ivele ngesikhathi sokubusa kwedlanzana labamhlophe ngaphansi kobandlululo kanti inqubo elikhuni yokuqhuba ngentando yeningi neziguquko kuzithintile nezamahlathi, iningi labantu abamnyama bebecishiwe izinzuzo zokusetshenziswa kwawo. Imithetho emisha yamahlathi izama ukuthi bonke abantu bakwazi ukusebenzisa amahlathi ibe futhi ikhuthaza ukusetshenziswa ngokonga nentuthuko kwezomnotho. Isisekelo salokhu nguMthetho waMahlathi kaZwelonke, ubeka imigomo eyisishiyangalolunye okufanele ikhunjulwe njalo uma kuthathwa isinqumo esithinta ezamahlathi. Ukusebenzisa lemigono eyisishiyangalolunye njengomkhombandlela, umthetho wenzelwe ukuba ukhuthaze ukusetshenziswa ngokonga, ukubusa ngokubambisana nokubambisana kwabo bonke abathintekayo. Kodwa-ke izikhungo zomphakathi ezingeni lasekhaya, zona azibanga noguquko olufanayo njengoba kwenzeka kwezombusazwe:njengamanje inselelo ngukutshala lenqubomgomo ebhekele ikusasa nemithetho ezingeni lokuphatha ekhaya.
Ukhetho: Ngonyaka ka 1994, ukhetho lokuqala lwentando yeningi eNingizimu Afrika lwanika uhulumeni omusha amandla.
Ngenyanga kaNdasa (March) 1995 ingqungquthela kazwelonke yabhala isigaba sokuqala soMthetho ohlongozwayo, esetshenziswa ukuxoxisana nabo bonke abathintekayo.
UMthetho osahlongozwa isigaba sokuqala uba yisisekelo senqubomgomo eyamukelekile ngokusemthethweni eyakhishwa ngenyanga kaMandulo ngo-1997, uMthetho Ohlongozwayo isigaba sesibili. Lona wasetshenziswa ukubhala uMthetho waMahlathi kaZwelonke.
Kusukela ngonyaka ka 1998, ngokwelekelelwa nguhulumeni waseUK uMnyango wezokuThuthukisa Amanye aMazwe , uMnyango wezaManzi naMahlathi ungenele umshikashika wokusebenzisa loMthetho.
Isigaba 24 sifundeka kanje," Wonke umuntu unelungelo lokuba kuvikelwe imvelo, ukuze kuzuze isizukulwane sanamuhla nesakusasa, ngokushaya umthetho owamukelekile nezinye izinyathelo ezikhuthaza ukonga neziqinisekisa ukugcinwa kwezinto eziphilayo nokusetshenziswa kwezinto eziyimvelo kube kukhuthazwa ukuthuthuka kwezomnotho nenhlalo".
Amahlathi emvelo kufanele angonakaliswa ngaphandle uma kunezimo ezingavamile, ngokubona kukaNgqongqoshe, ukusetshenziswa kwalowo mhlaba okuhlongozwayo kungcono uma kubhekwa inzuzo kwezomnotho, inhlalo nemvelo.
Kufanele kugcinwe indawo encane yomhlaba wamahlathi.
Ukukhuthaza impili yazo nokuphila kade noma isikhathi eside.
Ukugcina izinto ezingamagugu nokukhuthaza amagugu okuthanda okuhle, amasiko nawezomphefumulo; kanye nokuphakamisa abantu noma izinhlaka zabantu ebezinganakiwe ngesikhathi sobandlululo.
UMthetho ubeka ngqo imigomo yokuphatha amahlathi ngokonga, okufanele isetshenziswa kuzo zonke izinqumo ezithinta amahlathi, kungaba ngaphansi koMthetho waMahlathi kaZwelonke noma eminye imithetho. Lokhu kusho ukuthi ukusetshenziswa kwamahlathi ngokonga kufanele kuhambisane noma kuzimeleliswe nokuvikelwa kwamahlathi nezihlahla. Abaphathi bamahlathi nezikhulu zamahlathi (eziqokwe eMnyangweni wezaMahlathi noma ezinye izinhlangano njengezinhlangano zokugcinwa kwemvelo) yibona okudingeka benze lokhu kuzimelelisa, besebenzisa izinqubomgomo zoMnyango, izindlela nezinqubo.
Akuvunyelwe ukususwa noma ukugawulwa kwezihlahla kuwo wonke amahlathi emvelo ngaphandle kwelayisensi.
Amahlathi athile nomhlaba wamahlathi kungamenyezelwa njengezindawo ezivikelwe.
Isihlahla, noma iqembu lezihlahla, umhlaba wehlathi noma uhlobo lezihlahla lungamenyezelwa njengoluvikelwe.
Ilungelo lokusebenzisa, ukuphatha, ukulawula kwamahlathi kaHulumeni kanye nemikhiqizo yawo kusezandleni zikaNgqongoqshe wezaManzi namaHlathi. Kodwa-ke ngokuhambisana nezidingo zokuthuthukisa inhlalo njengoba kuchaziwe kuMthethosisekelo, angagunyaza ukusetshenziswa ngezindlela ezahlukene ezimiswe kuloMthetho: ngelayisenzi, ukukhululwa, (bheka ebhokisini) ilungelo lokusebenzisa, ukuqashisa, isivumelwano neziVumelwano zoMphakathi zaMahlathi.
Livumela ukuba kwenziwe okuthile njengokuzingela, ukwakha amapulangwe noma ukulima.
Likhishwa ngaphansi kwemibandlela.
UMthetho uyakwamukela ukuthi imiphakathi yasemaphandleni incike ezintweni ezitholakala emahlathini futhi uyazama ukukhuthaza ukubamba iqhaza kwalabo bantu ababenganakiwe ngesikhathi zobandlululo kuzo zonke izinhlelo ezithinta amahlathi. Ungqongoshe usebenzise isigaba 24 ukuthi akhulule amalunga emiphakathi eseduze namahlathi kahulumeni ukuba kungadingeki ithole amalayisenzi uma izotheza izinkuni noma okunye okutholakala ehlathini njengezinyosi, izithelo, utshani bokwakha izindlu, imithi yokwelapha imindeni, ngokwamasiko noma ngokomphefumulo. Akudingekile ukuba kukhokhwe imali.
UNgqongqoshe angavuma ukuba kuthengiswe imikhiqizo yehlathi (njengoju) noma eminye imikhiqizo (njengamampulangwe) ethathwa emahlathini kahulumeni kuthengiselwa abanye abantu.
Imiphakathi ingenza isivumelwano noNgqongqoshe sokuba uphathe noma ubambisane noNgqongqoshe ukuphatha ihlathi lukahulumeni.
UNgqongqoshe angaqashisa ihlathi lukahulumeni noma ingxenye yalo kunoma imuphi umuntu.
UMthetho unika noma ubani ilungelo elamukelekile lokungena ehlathini likahulumeni ngezinhloso ezine zokulisebenzisa okungaliqedi noma okungalishabalalisi: imfundo, ezokuzithokozisa, ngokwamasiko ngokomphefumulo.
Ukushaya umthetho omusha kuyisinyathelo sokuqala senqubo ede. Kufanele kumiswe Imithethonkambiso, izindlela nemigudu ukuze kunganyelwe umthetho.
Misa uhlelo okuzosetshenziswa ngalo inqubomgomo nomthetho.
Abasebenzi bakaHulumeni, nebaphathi bamaHlathi kaHulumeni nabanye abathintekayo kufanele baqeqeshwe ukuze baqonde futhi bakwazi ukusebenzisa umthetho omusha , izindlela nezinqubo futhi basebenzise nezingqondo namandla abo ngendlela elungule nenobulungiswa.
Uma kwenzeka bagcine izindlela zokwenza ezivele sezikhona. Bazame ukulinganisa noma ukuzimelelisa iguquko nalokho okukhona okusebenzayo.
